UKHOZI FM

UKHOZI FM

Ukhozi FM Current Affairs

14/05/2015 7:00AM

Episode Synopsis "UKHOZI FM"

Ibambene ngezihluthu enhlokodolobha yase Burundi, eBujumbura namhlanje ekuseni. Lokhu kulandela ukuthi owayeyisikhulu esiphezulu kwezobunhloli uGodefrodi Niyambore, ememezele ukuthi usemchithile uMengameli uPierre Nkurunziza esikhundleni. Kubikwa ukuthi izakhamizi zibhekene ngeziqu zamehlo inganono ikhala bukhoma kujikijelwana namabhomu eduze nesakhiwo lapho kunomabona kude kanye nesiteshi somsakazo. U-Nkurunziza ubevakashele eTanzania ehambele umhlangano wesifunda obubizelwe ukubhekana nesimo ezweni lakhe ngesikhathi eketulwa. U-Sarah Kimini, uyabika.[TAKE: SBNAME: BurundiOUTCUE: TanzaniaTO: 0'34"DURATION:0'34"]Uthi uMengameli wase-Burundi uPierre Nkurunziza use-Tanzania kulandela ukuthi imizamo yakhe yokubuyela ekhaya ingaphumelelanga. UMajor Godefroid Niyambore, uyalele ukuthi kuvalwe isikhumulo sezindiza ukuvimbela uNkurunziza ukuthi angangeni ezweni lakhe. Phambili uMengameli uyiphikile imibiko yokuthi usechithiwe esikhundleni. Ukuphela konzinzo eBurundi, kuqale emasontweni amathathu endlule kulandela ukuthi iqembu likaNkurunziza, lithe akaqhubeke nokungenela ukhetho ihlandla lesithathu.Smp dbn 14/05

Listen "UKHOZI FM"

More episodes of the podcast Ukhozi FM Current Affairs